Chad Da Don and Kelly Khumalo. Picture: Instagram Chad Da Don and Kelly Khumalo. Picture: Instagram
Sebehembisene umshado uKelly Khumalo nesithandwa sakhe uChad da Don abasothandweni oluvutha amalangabi muva nje.
UKelly umemezele lezi zindaba ekhasini lakhe ku-Instagram namhlanje lapho engandanga khona ngamaningi wathi nje, “ngivumile #MeetTheMansoors”.
UKelly Khumalo uphumele obala ngokuthandana nalo mrepha kulandela ukuqopha kwabo ivideo yeculo lakhe iDance Comigo.
FUNDA: UKelly uyaveva ngokubizwa kwendoda yakhe ngomlungu
UChad naye ubhale ekhasini lakhe kule nkundla wathi usemcele wavuma uKelly.
“Ngimcelile, wavuma. Ngiyakuthanda ndlovukazi yami @kellykhumaloza #MeettheMansoors,” ubhale kanje.
View this post on Instagram
A post shared by Kelly Khumalo(@kellykhumaloza) on Dec 3, 2018 at 2:26am PST
Bobabili bafake izithombe eziveza iminwe yabo okuhlala kuyo amaringi omshado inama-tattoo ezinhlamvu zamagama abo. UKelly emunweni wakhe ubhale uD.C.M (Donovan Chad Mansoor), uChad yena ubhale uK.K (Kelly Khumalo).
Ngeledlule uChad ufake isithombe sakhe, uKelly nonina bendawonye. Ephawula ngaphansi kwalesi sithombe unina kaChad waveza ukuthi uyisibusiso uKelly empilweni yakhe futhi umndeni wonke ujabule ngaye.
View this post on Instagram
A post shared by RAP STAR(@chad_da_don_official) on Nov 20, 2018 at 8:13am PST
Udadewabo kaKelly, uZandie Khumalo naye ongumculi we-Afro Soul, ubahalalisele ku-instagram wakhe.