Imbongi izidonsele amanzi ngomsele eNdlunkulu
Imbongi esizakhele udumo kubalaleli boKhozi FM ngenkondlo ethi Iqupha nethi Umama Wami Uyindoda, uNandi Khumalo, isizithintele izibonkolo eNdlunkulu kaZulu ngokuzibiza ngeNdlovukazi. Isolezwe lithole ukuthi iNdlunkulu ayeneme neze ngokusetshenziswa kwaleli gama nguNandi.
Omunye wabaNtwana baseNdlunkulu ocele ligodlwe igama lakhe, uthe nguye owanxusa omunye wabasakazi boKhozi FM ukuba bamkhuze uNandi ekuzibizeni ngeNdlovukazi.
“Igama elithi iNdlovukazi nelithi iSilo lihlonishwa kakhulu kaZulu. Sisodwa iSilo kaZulu kanti neNdlovukazi uNandi iyodwa. Akekho umuntu ovumelekile ukuba asebenzise la magama,” kusho lo Mntwana.
Induna yeSilo esoNdini futhi engusomlando, uMnuz Mzwempi Sibiya, nayo ibhodla umlilo ngalesi senzo futhi ithe le mbongi iyagcwaneka.
“Mina ngiyiNyosi yeSilo eyaziwayo kodwa angisoze ngazibiza ngegama elithunaza iNdlunkulu. Ngakho kumele inqandwe le ngane ingaze izithezele olunenkume. Nabambiza ngaleli gama kuzomele bayeke ngoba bazofaka le ngane enkingeni enkulu,” kusho uSibiya.
Ethintwa uNandi uvumile ukuthi uke wezwa ukuthi iNdlunkulu ayeneme ngokuzibiza kwakhe ngaleli gama.
“Ngiqale nganganaka ngoba bengizitshela ukuthi ngamahemuhemu kodwa ngize ngakholwa ngoba sengitshelwa nguBongani Mavuso,” kusho uNandi.
Uthe akazi ukuthi kumele enzenjani ngoba ngabantu abambiza ngaleli gama, akaziqambanga lona.
“Bathi ngiyi-Queen of Poetry (okusho ukuthi ngiyindlovukazi yezinkondlo) emva kokusho inkondlo ethi Lapha Akubhalanga Mina Kubhale Abangiphethe. Ngenxa yokuthi ngenza izinkondlo zesiZulu, ngabe sengizibiza ngeNdlovukazi yeziNkondlo. Angikwenzanga lokhu ngoba ngidelela iNdlunkulu kodwa ngangenziwa wukuthi ngiyaziqhenya ngolimi lwami. Mina ngiyiNdlovukazi yeziNkondlo, angizenzi unina kaShaka,” kusho uNandi.
Akukhona okokuqala iNdlunkulu ikhala ngamaciko akuleli. Abantwana bake bakhononda kakhulu ngomculi kamaskandi owavela ephephandabeni egqoke isikhumba sengwe. Akugcinanga lapho kodwa yaphinde yakhala ngomunye ongasekho uMgqumeni Khumalo owayezibiza ngeZinyane LeNgezengeze.
UNandi ngomunye wezimbongi esezizakhele udumo nasemakilabhini imbala ngenxa yokuthi izinkondlo zakhe seziyadlalwa khona. Le nkondlo ethi Iqupha uyenze noDJ Happy Gal, kwathi ethi Ngiyekhaya wayenza noDJ Daviola kanti ethi Inqonqodwane wayenza noDJ Victorrose Junior. Le nkondlo ethi Iqupha, uNandi ubuye wayenza kabusha nomculi we-Afro pop u-Ayanda Nhlangothi.
UNandi ulingisa emdlalweni wasemoyeni oKhozini FM othi Ngilonde.